Owe-ANCYL eKZN ezinsolweni zokweba imali

2012-11-29 16:36

Durban - Isikhulu esiphezulu ophikweni lwentsha i-ANC Youth League, eKwaZulu-Natal, kuthiwa siyathinteka enkohlakalweni yokwebiwa kwemali eyabe inikelelwa abantwana abahlwempu.

Iphephandaba iDaily News libike ukuthi umsolwa uzovela ngaphammbi kweNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngoLwesihlanu, mayelana necala lokweba imali eyanikelwa yinhlangano yase-Italy, engekho ngaphansi kuka hulumeni.

Imali kuthiwa yayikhishelwe ukubhekana nezindleko zokuthwala abafundi baseMgungundlovu, uma beya ezikoleni, imali eyebiwa kuthiwa ilinganiselwa ku-R40 000.

Umsolwa ligodliwe igama lakhe kuze kuba uvela ngaphambi kwenkantolo, ummeli wakhe uSagie Bremiah, uqinisekise izinsolo ezithweswe umsolwa.

“Ikhasimende lami lithi aliyebanga imali,” kusho uBremiah, etshela iphephandaba.

Icala livulwe nguDokotela uClara Tumino, oyilungu lenhlangano i-Un Ponte Per La Vita.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 13-19°C Showery. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...