Owayeyisikhulu ujikijele intatheli ngenguzunga yetshe

2015-08-07 10:00

Pretoria – Isale iboqokile imoto yentatheli ngemuva kokuba owayeyisikhulu sakwaPrasa uLucky Montana eyijikijele ngenguzunga yetshe ePitoli ngokusho kombiko.

Imoto yomsebenzi yeentatheli yephephandaba iRapport uPieter Mybyrgh isuke ngethayi ngesikhathi uMontana owabe eyiCEO yakwaPrasa eyijikijela.

“Ujikijele inguzunga yetshe eyibhekise ewindini langakwesikunxele kodwa ngenxa yokuthi ngisheshe ngayisusa imoto lashaya isicabha semoto,”kusho le ntatheli.

UMontana akatholakalanga ukuze aziphendulele ngalesi sigameko esenzeke ngoLwesine kusihlwa.

UMyburgh ubephenya ngodaba oluthinta izindlu zikaMontana ePiltoli epake ngaphandle kwenye yalezi zindlu ngesikhathi kuqhamuka uMontana nomunye wesilisa.

“Uphakamise isandla sakhe ekhombisa ukuthi ukuthi uyangibona.

Lokhu ngikuthathe ngokuthi uyangisabisa.”

Kubikwa ukuthi uMontana ungene kule ndlu kanti uMyburgh ubelokhu ezimele ngaphandle engakaze angene ngaphakathi.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abadubule iphoyisa ebusweni

Ngokuhamba kwesikhathi uMyburghu ujikise imoto abehamba ngayo wayoma ngaphambi kwesango wangayicisha imoto njengoba ebengufuni ukuhamba kule ndawo engasichaza isizathu sokuba khona kwakhe kule ndawo.

Ube esecela ukukhuluma noMontana komunye wabalisa obemi ngaphandle.

“Bambizile, ngalinda njengoba kuthathe isikhathi eside ukuze eze kimina.

Uqhamuke kimina esephethe itshe elikhulu esandleni.

Ngicele ukukhuluma kodwa ngenxa yokuthi bese ngibonile akuphethe ngesandla ngiqale ngasusa imoto nokuyilapho eyijikijele khona ngalo lelo tshe.

Sengibaleka njengoba imoto ngiyisuse ngesivinini ngishayisane nenye imoto emgwaqweni uMain,” kuchaza uMyburgh.

UMyburgh uvule icala esiteshini samaphoyisa saseBrooklyn nakuba engalimanga kodwa ubethukile.  

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

             - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...