Owayengumngani kaMalema kwelenkohlakalo

2013-01-31 08:14

Polokwane - UBoy Mamabolo, nowayengumngani kamengameli we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, uboshelwe icala lenkohlakalo, ngokusho koKlebe.

“Yebo, uboshwe ngoLwesithathu,” kusho okhulumela lolu phiko uCaptain Paul Ramaloko.

Leli cala lihlobene nokuba nguSihlalo kukaMamabolo kuLimpopo Geographical Names Committee.

UMamabolo, noweseka ngokwethembeka uMengameli Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngoLwesine.

UMamabolo usanda kuba sezindabeni ngempi yakhe yamagama noMalema ngemuva kokuphuma kwezinsolo zokuthi wathumelela uMalema umqhafazo osabisa ngokumba amathambo kamama kaMalema ayowasakaza phambi komnyango womuzi kagogo wakhe eSeshego.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UKelly ubuyisele izinto zikaMeyiwa

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...