OwaseTanzania uboshelwe ukuzama ukudlwengula

2012-12-31 10:30

Johannesburg - Indoda edabuka eTanzania iboshiwe mayelana nezinsolo ezithi izame ukudlwengula ingane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala, maphakathi nedolobha iGoli.

Amaphoyisa athi umama wengane ugadise umngani wesoka abantwana bakhe ababili, ngesikhathi yena eye ezitolo.

"Umsolwa kukholakala ukuthi usalwe wapotoza ingane wazama nokuyikhumula," kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Xoli Mbele.

"Ingane ikwazile ukuphulukundlela ibaleke, ibe isihlangana nomunye wesilisa, emtshele udaba wase ebiza amaphoyisa."

Umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala, uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseGoli maduzane.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyavela ugogo osolwa ngokufa kwengane

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...