Owaliwe ubulale isoka lentombi
2012-10-10 10:04
Siboniso Shozi, Daily Sun
Durban- UVusi Gumede, 49, ongumnikazi wetekisi ubehamba nentombi yakhe ngetekisi ngesikhathi imiswa ngumlisa mumbe obe esegwaza uGumede embulala, wagwaza nentombi amanxeba amabili, wase ekha phansi.
Umbulali kukholakala ukuthi ngowesilisa owabe ethandana nentokazi ekade isiqomene noGumede.
Ngokusho kwamaphoyisa aseHibberdene, uGumede nentombi yakhe bagwazwe ngesikhali esingachazwanga, umndeni wowesifazane ogwaziwe, uthe lona owabe eyisoka wafika ngayizolo ebusuku ezombheka kodwa wangamthola.
Umama wentombi u-Elizabeth Lushaba, 54, utshele iphephandaba iDaily Sun wathi: “Siqale sambamba ezama ukugqekeza layikhaya, sibe sesimxosha.”
ULushaba uthe utshelwe ukuthi uGumede ubulawe ezama ukuvikela indodakazi yakhe, intombazane kuthiwa ikwazile ukuphuma ngembobo yenaliti yase iyofuna usizo.
Ubaba wentombazane uFunuyise Lushaba, uthe umsolwa nendodakazi yakhe bese bethandane isikhathi eside kakhulu.
Umndeni wobulewe wona uwotha ubomvu, umfowabo kamufi uSihle Gumede, uthe umndeni uzoluxazulula lolu daba ngendlela yawo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun