Owaliwe ubulale isoka lentombi
2012-09-07 15:21
Johannesburg - Kugwazwe owesilisa nokusolakala ukuthi kwenziwa yilowo owayeyisoka lentombi yakhe washona eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesihlanu.
UCaptain Jackson Manatha uthe le ndoda, 30, ibivakashele intombi yayo ngoLwesine, ngesikhathi imtshela ukuthi akacashe emjondolo obuseduzane nala bebekhona.
Kuthe le nsizwa engakwamukelanga kahle ukwaliwa izwa ukuthi isoka lalo owayeyintombi yayo likuphi, waqonda ngqo kulona walibhokoda ngommese walibulala.
"Kusolakala ukuthi umsolwa ubengafuni ukwamukela ukuthi waliwe," kusho uManatha.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA