Owaliwe ubefuna ukunxeshezelwa ngo-R1.33m

2012-11-09 12:02

Pretoria - Owesifazane wasePitoli ubefuna ukunxeshezelwa ngemali eyevile esigidini samarandi yisoka lakhe eligqashule isithembiso sefindo lomshado njengoba ethi ubelisiza empilweni, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

UWanda Moller, 28, ubefuna isoka lakhe u-Anthony Potgieter, 25, amnikeze u-R1.33 million, ngokwamaphepha aseNkantolo eNkulu yasePitoli, kodwa babuye bavumelana ngokunye, kubika iBeeld.

Ngokombiko wephephandaba, kuthiwa kulesi sivumelwano uMoller uzohoxisa leli cala.

Uzobuyelwa yindlu kanokusho eseCenturion, athenge ingxenye kaPotgieter ngo-R60 000.

Emaphepheni asenkantolo, uMoller uthe wavuma ukushada uPotgieter ngoSepthemba 2010, kwathi ngoJune 2011 indoda yamjikela yathi isishintshe umqondo.

UMoller uthi uPotgieter uqonyiwe, kodwa yena uyakuphika lokho.

UMoller uthi ubesekhiphe imali elungiselela umshado kanti isithunzi sakhe sehliswe ngemali engu-R500 000.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Afternoon clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C High level clouds. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...