Owabulawa wayecuthelwe ebhange

2013-02-28 14:02

Bloemfontein – Inkantolo itshelwe ukuthi owesilisa owaphangwa wabulawa, wabonakala esebhange elandelwa ngabasolwa ngaphambi kokuba ahlaselwe.

UMbuso usola ukuthi uGerhard Fourie, 44, wabanjwa inkunzi wabulawa ngu-Amos Limba, 35, noLowambo Tete, 33, abamlandela eya emsebenzini ngemuva kokuba ebuya kokhipha imali engu-R12 000 ebhange, kubike iVolksblad.

UFourie wabanjwa inkunzi wabulawa ngo-Ephreli 2012.

Amakhamera asebhange abonise abasolwa bemi ngemuva kukamufi kulayini wasebhange.

Amakhamera abonise indlela uTete ayekhuluma ngayo nomsebenzi wasebhange ngaphambi kokuba alandele ngokushesha uFourie esephuma ebhange.

Kufakaze isisebenzi sasebhange, sathi uTete wabuza u-cashier umbuzo ongacacile ngemuva kwalokho waphuma engenzanga lutho.

Bobabili laba bayaphika ukuthi banesandla kuleli cala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...