Osolwa ngelokubulala uyazihlangula

2012-11-27 10:01

Durban - UGerald Rossolloty, nosolwa ngokubulala intombi yakhe nokudlwengula intombazanyana, ungene ebhokisini lofakazi wazivikela ngala macala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Le ndoda, 40, ngaphambilini ithe ummeli wayo akawenzi ngendlela umsebenzi futhi ofakazi akapheki ngemibuzo njengoba imyalele.

Ube esecela iJaji Rishi Seegobin ukuba abize ofakazi abazotshengisa ukuthi umsulwa.

NgoMsombuluko ubize umama wakhe uBrenda ukuba afakaze.

Umama ube esetshela inkantolo ukuthi umsolwa wake wambeka isandla, waphunyelwa yizinyo walimala ngesikhathi ezama ukulamula impi eyayiphakathi kukaGerald nomfowabo omncane uRowan.

URossolloty usolwa nangokudlwengula ingane, 6, nokubulala intombi yakhe uNokwazi Ntuli nokushisa iflethi ayehlala kulo.

Icala liyaqhubeka.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-25°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-19°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-21°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...