Osekhulile ulume umdlwenguli

2012-11-15 12:01

Durban - Owesifazane osekhulile eBhamshela, KwaZulu-Natal ungene ngezinyo indoda ebimdlwengula, ngoba efuna imyeke, kusho umbiko ngoLwesine.

Umama oneminyaka engu-63 ubudala ongaboni kahle emehlweni, utshele iphephandaba iDaily News, wathi indoda igqekeze emzini wakhe yafuna ngodli imali, uthi umnike u-R50, ecabanga ukuthi uzohamba.

Uthe indoda ibe isimtshela ukuthi akavule imilenze yase imdlwengula.

“Bengingafuni ukuthi anginqobe, ngimlume waze wangiyeka waphuma ngewindi," kusho lona wesifazane eligodliwe igama lakhe.

Kube sekubizwa amaphoyisa, umama wakwazi ukuwachazela konke, umsolwa wagcina ngokuboshwa.

Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala ube eseguqa phambi kukamama exolisa, kuthiwa umphakathi owakhelene nomama ususukume wama ngezinyawo uzama ukusiza umama njengoba ehlala yedwa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...