Onesi babuke owesifazane ebelethela endleleni

2012-11-21 12:04

Pretoria - Owesifazane kuthiwa ubelethele endleleni ehamba abantu ngaphandle kwasemtholampilo ngaleso sikhathi onesi bebukele benqaba ukusiza, ngokusho kombiko.

U-Onicca Babedi utshele i-Eyewitness News ukuthi uthole uNomsa Mathebula esikwa ngaphandle kweSoshanguve Clinic ngasePitoli.

UMathebula kuthiwa uxoshiwe esibhedlela esikhulu ngenxa yokuthi i-blood pressure yakhe ibiphansi kakhulu.

UMathebula ube esewa esebude buduze nomtholampilo wase esikwa.

Yize abantu sebehlaba umkhosi, onesi abazange bazihluphe ngokuphuma bazosiza.

Ngesikhathi ingane ingaphefumuli, uBabedi uzamile ukucela usizo konesi ukuba basize uMathebula.

“Ngivele ngamemeza sengibiza noma ngubani. Sengitatazela nami, bangibuka nje."

Uthe kuze kwabizwa amaphoyisa, athi esefikile kwayilapho onesi bezosiza khona.

UMnyango wezeMpilo eGauteng awuzange uphawule ngalolu daba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...