Ona-80 kuthiwa uthunjelwe impesheni yakhe

2013-01-29 10:03

Cape Town - Umphakathi waseParkwood, eKapa, usabela impilo kagogo oneminyaka engu-80 ubudala, ekukholakala ukuthi ugqunywe ngenkani efulethini, kubika iCape Argus.

UMaureen Johnson, ophazamisekile emqondweni, kukholakala ukuthi uthunjwe efulethini yizithandani ekuthiwa zizitika ngemali yakhe yempesheni.

UJohnson usegqunywe endlini iminyaka emithathu egcwele.

Isishoshovu esisebenzela umphakathi uColin Arendse, uthi uJohnson ukhiyelwa egumbini elilodwa, ngesikhathi amaphoyisa ezozibonela lensambatheka, kuthiwa izithandani zaphoqa ugogo ukuthi athi konke kuhamba kahle.

“Ukuvakashelwa kukagogo kusezandleni zalezi zithandani. Indlu ihlala ikhiyiwe kanti umphakathi uyasaba ukukhuluma ngalento eqhubekayo," kusho u-Arendse.

“Laba badlala ngaye ngoba egula ekhanda, badla imali yakhe yempesheni, akusizo ngisho izihlobo zakhe. Amaphoyisa abikeliwe kodwa nawo ayasaba."

Umphakathi uthi usaba ukuthi uJohnson uzobulawa yindlala nokunganakekelwa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-21°C Showers early. More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...