Ona-16, kwelokubulala umndeni
2012-08-21 16:25
Bloemfontein - Umfana oneminyaka engu-16 ubudala useboshwe ngamaphoyisa mayelana nokubulawa komndeni wakhe okwenzeka epulazini lakubo eliseGriekwastad, ngempelasonto kaGudi.
UCaptain Cherelle Ehlers uthe amaphoyisa abophe umsolwa ngoLwesibili.
Umninipulazi waseNorthern Cape uDeon Steenkamp, 44, umkakhe uChristelle, 43 kanye nendodakazi uMarthella, 14, badutshulwa babulawa besekhaya mhlaka-6 Ephreli.
Indodana kaSteenkamp uDon, 15, yatshela amaphoyisa ukuthi yezwa kuqhuma isibhamu ngesikhathi ikwelinye igumbi.
U-Ehlers uthe umsolwa kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseGriekwastad ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).