Ona-14 uklinye wabulala omunye
2012-11-07 16:26
Johannesburg - Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala ishonile ngemuva kokuklinywa ngenye ingane, eKagiso, e-East Rand, kusho amaphoyisa aseGauteng.
Womabili amantombazane aneminyaka engu-14 ubudala, abe nengxabano ngesikhathi edlala ngoLwesibili, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Solomon Sibiya.
Ingane ibambe enye ngobhongwane yayiklinya yaze yashona.
Ingane iboshiwe yase idedelwa esandleni sabazali, izohanjiswa iyothola izeluleko ngaphambi kokuthi ithweswe icala lokubulala.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).