Ona-13 ubulawe wacwiywa isikhumba
2012-11-14 16:26
Johannesburg - Kubulawe ngesihluku umnfanyana oneminyaka engu-13 ubudala waseMmakau Village, ngaseBrits, wase ecwiywa isikhumba nezinye izitho zomzimba, kusho amaphoyisa aseNorth West.
Ubuso bukaNeo Ramaswe bebuhlutshulwe isikhumba kuze kufike entanyeni, wanqunya ulimi wakhishwa nezinso. Kukholakala ukuthi kuzokwenziwa ngakho umuthi, kusho uCaptain Amanda Funani.
Isidumbu sikaRamaswe satholakala ngeSonto endaweni evulekile, sitholwa ngumuntu owayedlula ngendlela, umfanyana wagcina ukubonakala ephila ngesikhathi edlala ibhola nabangani bakhe ngoLwesine, kusho uFunani.
Amaphoyisa asephume inqina athungatha abasolwa ababili, ababonakala bekhuluma nengane ngaphambi kokuthi inyamalale.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).