Ona-11 uzalele umdlwenguli wakhe

2013-02-07 12:04

Johannesburg - Intombazanyana yaseMamelodi, eneminyaka engu-11 ubudala, iphenduke umama ngesonto eledlule ngesikhathi ibeletha ingane yomdlwenguli wayo, kusho umbiko weDaily Sun.

Umama wengane wadlwengulwa ngumlisa oneminyaka ephindaphindiwe kweyakhe.

Umama wentombazane oneminyaka engu-32 ubudala wafa uhlangothi ngonyaka ka-2010 kanti usechitha isikhathi esiningi esembhedeni.

Utshele iphephandaba wathi ubengazi nokwazi ukuthi indodakazi yakhe izithwele.

“Indodakazi yami ivele inomzimba omkhulu, izimpahla zayo bezisayilingana kakhe. Ngamyisa esibhedela ngoba ngicabanga ukuthi udlisiwe, ngathuka sebengitshela ukuthi ukhulelwe," kubalisa umama.

“Angazi ukuthi indoda yamthembisani. Mhlampe yamsabisa ithi angatsheli muntu."

Ingane ithi umdlwenguli akaze ayithembise lutho, ithi wayidlwengula kwaze kwaba kabili ingatsheli muntu.

“Ngelinye ilanga kushisa ngalala ngingagqokile, ilapho ngaqala khona ukudlwengulwa. Angimemezanga ngoba ngangingezwa buhlungu," kuziphendulela ingane.

Kuyacelwa ongaba nolwazo olungaholela ekutheni kubanjwe umdlwenguli, axhumane noWarrant Officer Mike Mhlanga ku-079 890 7955.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...