Omunye owesifazane oshonile eW Cape

2013-02-12 14:02

Johannesburg - Amaphoyisa aseKapa athi sekutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-19 ubudala, eBeacon Hill, e-Atlantis.

"Isakhamuzi esithile besiya emsebenzini ngesikhathi sizithela esidunjini sowesifazane, zintshingwe esikhotheni," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Tembinkosi Kinana.

Isidumbu sitholakale ngezithuba zawo-07:00.

Omunye wesifazane usanda kutholakala edlwengulwe wabulawa edolobheni laseKapa ngempelasonto.

Isidumbu salona satholakala sivalelwe eshalofini eliseceleni kombhede, kulesi sehlakalo kwaboshwa indoda yakwamakhelwane.

Zombili lezi zehlakalo zenzeka nje abantu basanda kushaqiswa yisehlakalo saseBredasdorp, la kubulawe khona ngesihluku u-Anene Booysen,17.

UBooysen wadlwengulwa yiqulu, waphulwa izandla nezinyawo, wanqunywa uqhoqhoqho wase efakwa ibhodlela elifile esiswini, amathumbu akhishwa ngaphandle.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...