'Omakoti' babambe inkunzi isuphamakethe

2013-01-16 12:04

Bloemfontein - Azofaka isicelo sebheyili enkantolo amadoda amathathu abefake izingubo zomshado nezinwele zokufakelwa, abambe inkunzi isuphamakakethe.

Iphephandaba iVolksblad libike lathi abasolwa abebegqoke bebahle, beshaye ezomshado zabantu besimame, bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseWelkom.

Isigejana samadoda ayisithupha, sagasela esuphamakethe ePutswastene, eThabong, sihlome ngemimese saphoqa abasebenzi ukuthi babanike imali nempahla.

Umbiko wephephandaba uthi abathathu kulaba babegqokise okomakoti abashadayo abangamaSulumane, umboniso oqoshwe yi-video, uveza izigilamkhuba lezi zehluleka nokuhamba, zibhadazela zishukwa yizingubo zomshado.

Amaphoyisa afuna abanye abasolwa abathathu, abangakatholakali.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...