Okusha kwelowe-IFP owabulawa

2012-11-30 16:50

Durban - Indodana yelungu leNational Freedom Party yakhalaza emaphoyiseni ithi ihlaselwe ngamalungu eNkatha Freedom Party, ngaphambi kokuthi kubulawe ilungu leNkatha, elabulawa ngakujatshi wesitimela, kusho ubufakazi eNkantolo yesiFunda eThekwini.

UMbekezeli Gwala utshele inkantolo ukuthi wabaleka ekhaya kubo ngelanga ekwadutshulwa ngalo uCebesile Shezi, owadutshulwa ngakujantshi wesitimela eThembalihle, KwaMashu.

UMbekezeli ubethula ubufakazi ecaleni elibhekene noyise uMgezeni "Bhungu" Gwala, nabafowabo oMjabulelwa, Malusi Sibusiso Ncengwa noSkhumbuzo Nxumalo.

Omunye umfowabo uBonginhlanhla Gwala, wathola ibheyili ngasekuqaleni kwenyanga, bonke laba babhekene necala lokubulawa kukaShezi.

Umshushisi uCyril Selebe ubuze uMbekezeli ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ethule ubufakazi ngo-14:50, ekubeni lesi kuyisikhathi ekuhlawumbiselwa ngaso ukuthi kwabulawa uShezi.

Lona uvumile ukuthi isikhathi siphambene nokho wathi akazi lokho kwenzeka kanjani, utshele inkantolo ukuthi akaqondi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umseshi angakubhali phansi ukuthi wafica iwindi lasendlini yakhe libulwe.

Uthe kwakukade kuhlasele amalungu e-IFP.
 





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...