Okusha ngesitelaka ebesizokwenza kubemnyama idolobha

2015-10-18 12:58

Johannesburg - ISouth African Municipal Workers Union (SAMWU) isisihoxisile isiteleka ebesihlelelwe uMsombuluko enkampanini ephakela idolobha laseGoli ngogesi, iCity Power, nebesizokwenza ukuba kubemnyama kuleli dolobha.

ICity Power ikuqinisekisile ngeSonto ukuthi usihlalo wayo ubambe izingxoxo neSAMWU kwafinyelelwa esivumelwaneni esizonikeza inyuyana ithuba lokuba ixoxisane nomqondisi weCity Power, uSicelo Xulu, ngezikhalazo abanazo.”

Funda nalolu daba: Usezobonakala ku-etv owodumo

Ngaleyo ndlela isiteleka ebesihlelwe yiSAMWU ngeke sisaqhubeka kanti futhi neCity Power isisihoxisile isicelo ebisifake enkantolo sokuvimbela isiteleka, kusho uYumna Sheik okhulumela inkampani, kubika iSowetanLive.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-25°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...