Okusha ngemali uShaik ayinika uZuma

2012-12-14 12:07

Johannesburg - Izigidi zemali ezakhishwa ngusomabhizinisi waseThekwini owalahlwa ngamacala enkohlakalo uSchabir Shaik, eyikhiphela uMengameli uJacob Zuma, kwabe kungeyezingane zakhe.

Lokhu kushishwe yiphephandaba iMail&Guardian, ebike yathi imali kwabe kungeyemfundo yezingane zikaZuma.

UShaik utshele iphephandaba wathi wanikelela izingane "ngaphandle kokuphoqwa ngumengameli" wathi "ngangenzela ukuthi umengameli angabi nenkinga yemali yemfundo yabantwana bakhe, akwazi ukubhekana nomsebenzi wakhe".

Lo somabhizinisi watholakala enamacala enkohlakalo nawokukhwabanisa ngo-2005, kwathiwa wabe enobudlelwano obuhlangene nenkohlakalo noZuma, owabe enguSekela Mengameli ngaleso sikhathi.

Ekuqaleni konyaka iphephandaba iSunday Independent labika lathi uShaik ufuna ushwele kahulumeni nemali engu-R2 million, eyasala kuleyo ayeyiboleke uZuma.

Iphephandaba lithi imali engu-R2.5 million, yabolekwa uZuma kuze ezokwazi ukutholela abantwana bakhe imfundo esezingeni, kuthiwa wakhokha kuphela u-R500 000.

IMail&Guardian ibike yathi uShaik uyakuphika ukuthi wahlomula ebudlelwaneni bakhe noZuma.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-14°C Sunny. Cool. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...