Oklebe bamise uPolela emsebenzini

2012-11-08 10:00

Johannesburg - Umkhulumeli wophiko loKlebe uMcIntosh Polela, umisiwe emsebenzini kulandela ukuthi akhuluma emthombeni wezokuxhumana iTwitter, ephawula ngodaba lokudlwengulana kweziboshwa okwenzeka emajele.

"Umiswe isikhathi esingamasonto amathathu, angeke sidalule lutho oluningi ngalolu daba. Luwudaba lwangaphakathi," kusho uBrigadier Phuti Setati.

USetati uthe abezindaba abafuna ukothile ophikweni loKlebe, kumele bakhulume namaphoyisa, kube yiwo akhipha umbiko ophelele.

USetati akafunanga ukucacisa noma ukumiswa kukaPolela kuhlobene yini nalokho akubhala kuTwitter ngemuva kokulahlwa yicala komculi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye.

"UJub Jub uzolala usuku lwakhe lokuqala ejele njengoba elahlwe yicala lokubulala abafundi....Ngiyathemba abalandeni bakhe bamnikile uvaselina azowusebenzisa ejele," kusho umbhalo kaPolela kuTwitter




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-23°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C a few showers. Breaks of sun late. Mild. Bloem: 14-21°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-26°C More clouds than sun. Mild. PE: 19-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...