OkaMagwaza-Msibi ugxeka udlame laKwaMashu
2012-11-26 12:04
Johannesburg - Umholi weNational Freedom Party uZanele KaMagwaza-Msibi uselugxekile udlame oluqubuke ehostela laKwaMashu, olugcine ludlula nomphefumulo womuntu oyedwa kwalimala abalinganiselwa ku-20.
Udlame lolu luqubuke ngesikhathi okaMagwaza-Msibi ehambele ehostela ukuyokhuluma nabahlali ngenhloso yokugaya ivoti njengoba kuzobanjwa ukhetho lokuchibiyela.
"Kucacile ukuthi KwaMashu akuyi olubuyayo kubantu abaseka amanye amaqembu ezombusazwe," kusho isitatimende sikaMagwaza-Msibi.
Kulolu dlame kushaywe ngamatshe abantu kwaphinde kwashiswa nezimoto ezintathu.
Imoto yentatheli eshisiwe ngekaGiordano Stolley, weSapa, ubehambisana nezithatheli zephephandaba iDaily News uMpume Madlala noBawinile Ngcobo weSolezwe.
OkaMagwaza-Msibi uvaleleke ehholo iBhekuzulu Hall, kwaze kwadingeka ukuthi ahlengwe ngamaphoyisa ngesikhathi abalandeli beNkatha Freedom Party bethi abamudle bamfele.
"Abalandeli be-IFP bavale umgwaqo badubula bebhekise kumalungu eNFP, lezi bekuyizindlela zokuzama ukwesabisa amalungu," esho.
Bayisishiyagalombili abantu ababoshiwe ngalolu dlame, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ngoMsombuluko.
- SAPA