Ogetshengiwe ukhala ngamaphoyisa angamnakile
2012-09-24 09:06
Lunga Biyela, The Witness
Greytown - Owesilisa waseGreytown ukhala ngamaphoyisa endawo nathi ahudula izinyawo ekubopheni iqembu lezigelekeqe elagebenga isitolo sakhe, yize esewanike ubufakazi beCCTV.
Okhulumela i-FMA Distributors, nocele ukungagagulwa igama lakhe, uthe wagetshengwa ekhonjwe ngesibhamu ekuseni ngoSepthemba 15.
Ngabo-10:00, amadoda amane angena esitolo abonakala enxenxa abasebenzi namakhasimende ukuba balale phansi.
Konke lokhu kuvezwa ngamakhamera.
Izigebengu lezi zase zizitapela imali esisefweni zaphinde zeba nezinto zamakhasimende.
Ibalelwa ku-R100 000 imali eyisamba abayithatha bese kuba yi-airtime ka-R65 000.
Owamaphoyisa uColonel Jay Naicker ukuphikile ukuthi amaphoyisa aseGreytown ayishaya indiva le ndaba yize esehlinzekwe ngobufakazi, wathi amaphoyisa kunomkhondo awulandelayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness