Odokotela babhikishele amaholo

2012-05-29 14:11
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Odokotela esifundazweni i-Eastern Cape babambe umbhikisho bekhalaza ngokungaholelwa isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha, kusho inyunyana iNational Union of Metalworkers (Numsa).

Umbhikisho ubanjwe esibhedlela iNelson Mandela Academic Hospital eMthatha, kuchaza umkhulumeli weNumsa esifundazweni uPhumzile Nodongwe.

"Njengoba odokotela kulindeleke bahlinzeke abantu ngosizo, akukuhle ukuthi kungathiwa basebenza ngaphandle kokuholelwa isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha."

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uSizwe Kupelo uthi uMnyango wenza konke ukuzama ukuholela odokotela.

Umnyango uthi kubasebenzi abangu-7 000 abathintekayo, abangu-4 000 bazothola amaholo abo ngoLwesine.

Uthi abanye abasele nabo bazoholelwa maduzane.

"Abaningi babo ngabasebenzi abavolontiyayo abaholelwa u-R1 500 ngenyanga. Odokotela namanesi nabo bakhona abathintekile abangaholelwe."

UKupelo uthi inkinga idalwe wukushintshwa kwemishini esetshenziswayo uma kulungiswa amaholo abasebenzi.

"Senza konke okusemandleni ukulungisa isimo," kusho uKupelo.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...