Odilikajele abayisithupha kumdlwenguli

2012-11-30 14:03

Durban - INkantolo yeMantshi yaseVerulam isigwebe indoda eneminyaka engu- 57 ubudala odilikajele abayisithupha ngecala lokudlwengula intombazane eneminyala engu-12, kubika uNewswtch.

U-Adyathma Amithananda utholwe enamacala ayisishiyagalolunye; ayisithupha okudlwengula, amabili okuhlukumeza ngokocansi kanye nelilodwa lokutholakala nezithombe ezikhombisa izitho zocansi zamantombazane.

U-Amithananda wadlwengula intombazane ngoNovemba ngonyaka odlule oThongathi.

Kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa endawo.

Inkantolo iphinde yamnika iminyaka emihlanu ngecala ngalinye lokunukubeza ngokocansi.

Lesi sigwebo size ngezinsuku lapho kuqhutshwa khona umkhangaso wezinsuku ezingu-16 zokukwilisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nezingane.

Amaphoyisa eKZN asencome bonke ababambe iqhaza ekuboshweni kuka-Amithananda.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...