Odilikajele abangu-26 kubadlwenguli

2012-12-14 10:02

Johannesburg - Ubaba nendodana yakhe bagixabezwe ngodilikajele abangu-26 ngamacala okudlwengula, kulalele iNkantolo eNkulu yaseGoli, kulandela ukulahlwa yila macala ngeledlule.

La badlwenguli ababili base-Alexandra, uBooi noRodgers Makhubela, bagwetshwe odilikajele abangu-26 uma isigwebo sabo sihlanganiswa, nesikhishwe yiJaji Roland Sutherland ngamacala abo okudlwengula abesifazane abangu-10 phakathi kuka-2008 no-2009 bezenza abashayeli bamatekisi.

UBooi, 50, uthole odilikajele abangu-14, kuthi uRodgers, 26, wathola abangu-12.

Ngesikhathi uSutherland eqala ukwethula isigwebo, indodakazi kaBooi eneminyaka engu-14 ubudala ivele yakhihla esikaNandi.

Ibe isiphuma enkantolo kanti isililo sayo besizwakala ngisho isingaphandle.

Baphinde bagwetshwa iminyaka engu-15 ngaphezulu ngokugebenga besebenzisa indluzula, neyishumi yokuthumba, neminye eyisikhombisa yokushaya, umuntu ngamunye.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...