Odilikajele ababili kumalume ngokudlwengula

2012-11-23 14:04

Johannesburg - Ugwetshwe odilikajele ababili owesilisa, 21, ngokudlwengula abashana bakhe ababili abaneminyaka ayisikhombisa nesishiyagalombili ubudala, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Le ndoda ilahlwe yicala yase igwetshwa ngoLwesithathu eNkantolo yesiFunda eShowe.

Lezi zingane zadlwengulwa eMatsheketsheni Reserve, eSundumbili ngoMashi 13, umama wazo esahambile.

Umalume wazo wabe eseboshwa ngalo lelo langa lesigameko.

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni, usamukele lesi sigwebo.

"Sizothumela umyalezo onqala lesi sigwebo kulabo abanukubeza izingane nabesifazane abangakwazi ukuzilwela," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...