OKlebe bazovala ikolishi elingumbombayi eSeshego

2013-01-15 16:25

Johannesburg - Ikolishi elingumbombayi elizibiza ngeFurther Education and Training (FET), eselisebenze okungenani iminyaka eyishumi nambili, lizovalwa eSeshego ngasePolokwane, kusho uphiko loKlebe.

Ngokusho kukaBrigadier Hangwani Mulaudzi, umnikazi wekolishi oneminyaka engu-57 ubudala, kanye nonkosikazi wakhe oneminyaka engu-45 ubudala, sebeboshiwe.

Uphenyo ngaleli kolishi luqale ngemuva kokuthi uMnyango wezeMfundo emazingeni aphakeme, uthole imubuzo eminingi evela kubafundi abakade befuna ukwazi ukuthi libhalisile yini.

Amaphoyisa ashaqe isamba semali engu-R69 250, emagcekeni ekolishi, kwathathwa nama-computer.

Igatsha lekolishi eliseSeshego lineminyaka engu-12 laqala ukusebenza kanti igatsha elisePolokwane lona liqale ukusebenza ngonyaka owedlule.

UMulaudzi uthi umnikazi wekolishi uthi isikole sibhalise ngaphansi kwegama elithiSeshego Commercial and Computer College, uthi akucaci ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi ikolishi lisebenze isikhathi eside kangaka lingabanjwa.

"Lokhu kuphazamisa kakhulu ngoba kusho ukuthi kunabafundi abaneziqu ezingenamsebenzi."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...