OKlebe basathungatha izingwenya

2011-02-08 17:39

Johannesburg - Uphiko oluvame ukuphenya ngamacala amakhulu athinta izikhulu kulokhu lubheka izingwenya ezingaphezu kuka-100 eziphilayo eznyamalale epulazini elingaseGa-Rankuwa, enyakatho nePitoli.

Okhulumela lolu phiko uColonel McIntosh Polela uthe ngoLwesibili akukaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko.

Amaphoyisa athole izingwenya ezingu-200 epulazini limbe ngoLwesihlanu ayalela ukuthi zingasuswa. Kodwa ke, athe esephindela ngoMsombuluko, sukulele ezingu-20 nje kuphela.

Abasebenzi basepulazini batshele amaphoyisa ukuthi basuswa ngoMgqibelo ebusuku, kodwa abazi ukuthi zayiswaphi.

Amaphoyisa aya kuleli pulazi ngoLwesihlanu emuva kokuthi umnikazi eboshelwe ukweba okubandakanya izigidi, okufaka phakathi noShoprite Checkers.

Ikati elisuswe isikhumba kanye nedube, nokusolakala ukuthi kudayiswa njengenyama emphakathini ongazi, zitholakale esiqandisini saleli pulazi ngoLwesihlanu.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...