Niphuzile ukuxosha uManyi - DA

2012-06-08 15:37

Johannesburg - Umkhulumeli kahulumeni uJimmy Manyi kumele engabe kade axoshwa emsebenzini, kusho iqembu eliphikisayio iDemocratic Alliance ngoLwesihlanu.

I-DA isho kanjena kulandela imibiko yabezindaba ethi angeke ivuselelwe inkontileka kaManyi ephela ngo-Agasti.

Umkhulumeli weDA uMmusi Maimane uthe bese kuvele kufanele axoshwe uManyi.

UMaimane ukhiphe isitatimende esithi uManyi uqhubekile nokuziphatha ngendlela ekungalindelekile ukuthi uhulumeni aziphathe ngayo.

UManyi waqala ukuba ngundabamlonyeni ngesikhathi ekhuluma ethi kugcwele amakhaladi esifundazweni iWestern Cape, wathi kugcwele amandiya ezikhundleni eziphezulu.

UMaimane uthi uManyi ubebukela phansi ilungelo lokukhuluma ngokukhuleka labezindaba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...