Ningasehlisi isithunzi se-ANC - Modise
2012-12-20 08:53
Johannesburg - UNdunankulu waseNorth West uThandi Modise nokhale ngaphansi kwesokuba yiSekela likaNobhala Jikelele we-ANC okhethweni obeluseMangaung, ucele amalungu eqembu ukuthi avikele isithunzi se-ANC ngaso sonke isikhathi, kubika iBeeld ngoLwesine.
UModise uphawule kanje eNaval Hill Lodge eBloemfontein ngesikhathi ekhuluma nabalandeli beSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe abangu-1 000 abebengenelisekile.
UMotlanthe uqunjwe phansi nguMengameli Jacob Zuma kwesobumengameli.
Uthe yize kumele buhlonishwe ubuholi obusha, kodwa abantu akumele balandele noma kungasafanele babe ngovumazonke.
"Kumele siqikelele ekutheni isithunzi se-ANC asilimali," kusho uModise.
"Ngeke ukwazi ukuzibiza ngomholi uma usahluleka ukusiza abantu abantulayo ngemali yoMbuso," evala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA