Ngizoyishiya i-ANC uma niqoka uZuma - Achmat

2012-11-28 10:03

Johannesburg - Isishoshovu esinguZachie Achmat sesisabise sathi sizosula ubulungu baso ku-African National Congress uma uMengameli Jacob Zuma ethatha ihlandla lesibili njengomengameli, ngemuva kokhetho lwezikhundla oluzobanjwa eMangaung maduze.

Imibiko yephephandaba iBeeld ithi u-Achmat usho kanjena engxoxweni abe nayo nephephandaba.

"Uma kuqokwa uZuma, angifuni ukuqhubeka ngibe yilungu leqembu," etshela iphephandaba.

U-Achmat ungumsunguli weTreatment Action Campaign kanti kumanje ulwela amalungelo abantu abasebenza emapulazini, enkulumweni yakhe uthe uZuma uqola izwe.

"Iqembu lidinga umholi onesizotha, onganqeni ukuthatha izinqumo, amelane nenkohlakalo," eqhubeka.

"USchabir Shaik waya ejele ngobudlelwabo obunenkohlakalo ayenabo noJacob Zuma. Njengamanje kuqhubeka le nto yeNkandla....uyahlula umengameli. Lena akusasiyo i-ANC engayijoyina ngo-1990."

U-Achmat uphinde wagxeka uNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe, ethi noma amalungu eqembu angemesaba kodwa akasatshwa muntu ngaphandle kweqembu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
8 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...