'Ngiyaphela yizimpama zomyeni wami osashona'

2012-12-03 14:05
Yabelani Shicilela

Umzinto - Imishado eminingi kukholakala ukuthi ihlelwe emazulwini kodwa uNcengani Mlambo waseMqangqala eMzinto, uthi ukholwa wukuthi owakhe wahlelwa esihogweni uqobo.

UMlambo utshele iphephandaba iDaily Sun wathi umyeni wakhe wayemhlukumeza esaphila, uthi namanje engasekho uyafika ebusuku amshaye.

“Wangiphula umoya wahamba wayoshada unkosikazi wesibili ngaphandle kokubonisana nami. Wangishiya nezingane ezintathu, ubengasithumeleli ngisho imali, manje ngoba eseshonile uyafika angimuhluze njalo ebusuku ethi angibuyele kubo. Ngokwami lo mshado wawuyisiqalekiso," kusho uMlambo.

Lo mama oneminyaka engu-40 ubudala useneso elilodwa, uthi odokotela ezibhedlela iMshiyeni Memorial naseGJ Crookes bamtshela ukuthi iso lakhe lilimele kakhulu kumele likhishwe afakwe umabuli.

“Besishade iminyaka mhlampe engu-20, washona ngo-2010. Manje uyafika ekhaya azongitshela ukuthi angibuyele kubo ngenze umsebenzi wokubuyisana."

Umama kamufi akafunanga ukukhuluma nephephandaba.

“Lolu wudaba lomndeni, bekungamele umakoti aze akhulume nani," esho etshela abezindaba.

USihlalo wenhlangano iKZN Traditional Healer uSazi Mhlongo, uthi uMlambo kumele asheshise enze okushiwo ngumyeni wakhe, izinto zingaze zonakale kakhulu.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...