Ngiyameseka uPistorius - Kenny Kunene

2013-02-21 12:02

Johannesburg -  UKenny Kunene nowasusa umsindo edlela i-sushi phezu kwabantu besifazane ababegqoke izimpahla zangaphansi, uthe uyameseka u-Oscar Pistorius.

Uthe angajabula uma iNkantolo yeMantshi yasePitoli ingamnika ibheyili uPistorius, kubika iSowetan.

"Ngahlala iminyaka eyisithupha nami ejele kanti futhi kunabantu engibaziyo abaquliswa amacala iminyaka eminingi. Leli akulona icala elingase liphothulwe ezinyangeni ezintathu. Ngakho ngicabanga ukuthi kungamsiza ukuthi athole ibheyili bese icala liqhubeka engaphandle,” kusho uKunene.

"Akuyona into elula le kumuntu. Umndeni kuphela, nabangani abamsizayo.”

UKunene uthe uthole ukugxekwa okuningi ngokweseka kwakhe uPistorius, kodwa "abantu kumele bakhumbule ukuthi kumele singachemi".

Uthe angeke enze njengeningi labantu eselivele limlahle ngecala uPistorius, yena uzolinda ukuba inkantolo yenze isinqumo.

"Izolo naye uzikhulumele ngokwenzeka ngakho bonke labo ebekade beqagula okungekho, bembeka icala bengakezwa uhlangothi lwakhe, kuzomele balinde babone ukuthi siyini isiphetho secala.”

"Akahlale emkhulekweni. Ngizoqhubeka nokumthanda nokuba ngumngani wakhe kanti futhi uma efuna ngimsize ngizokwenze njalo,” kusho uKunene kuPistorius.

Kodwa okhulumela ikhomishani yezokulingana ngobulili uJavu Baloyi uthe umphakathi akumele ukubalekele udaba lodlame olubhekiswe kwabobunye ubulili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Inkantolo ivune eyabaThembu ngesobukhosi

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...