Ngiyakwazi ukuzikhulumela - Ramphele

2013-01-29 14:17

Johannesburg - Lowo owayeyisishoshovu sobandlululo uMamphela Ramphele uthe ubezozisholo yena uma ngabe unezinhlelo zokusungula iqembu lezombusazwe.

"Angikaze ngesabe ukuzwakalisa imibono yami uma ithinta umphakathi, kanti-ke ngizozikhulumela futhi noma sengithatha izinqumo ngekusasa," esho esitatimendeni.

Uthe uwazwile amahemuhemu okuthi uzimisele ngokusungula iqembu lezepolitiki.

"Ngithanda ukusho ukuthi angikufihli ukuthi bengixoxisana nabantu bakuleli ngesimo sentando yeningi," kusho uRamphele.

"Lokhu ngikwenza ngenxa yokuthi ngizama ukuthola izimvo ezehlukene njengoba ngizama ukwethula incwadi yami entsha, iConversations with my Sons and Daughters."

Iphephandaba iRapport libike ukuthi ngesikhathi ehambele eMelika, uRamphele uthe uqongelela imali yokusungula iqembu kanti ungena "kwezepolitiki ukusindisa izwe lakhe".


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...