Ngisola uProsper ngokuhlaselwa kwethu - Tina

2012-12-17 08:45

Johannesburg - Kuphenduke amatafula ngesikhathi unkosikazi kasomabhizinisi uProsper Mkwaiwa, umculi we-Afro-pop uTina, emsola ngokuba ngungqondongqondo ekuhlaselweni kwabo, kubika iSunday World.

UTina noProsper badutshulwa besehhotela eMorula Sun esikhathini esingangenyanga esedlule ngowesilisa owathi abenze ucansi phambi kwakhe.

Umsolwa wabadubula wase ekha phansi, eshiya isibhamu ngemuva.

Bekunokuhlawumbisela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uProsper uyathinteka kulesi sigameko.

UTina ushaye ingwijikhwebu ngesikhathi eveza ukuthi uyamsola umyeni wakhe ngokuthi nguye owathumela umsolwa ukuba ambulale.

"Uma uProsper engasangithandi kungani engangishiyi pho?" kubuza le ntokazi ebikhala ingakwazi nokuzibamba.

Uthi umyeni wakhe akaze alale emzini wabo kusukela kwenzeka lesi sigameko.

UProsper uyazikhahlela lezi zinsolo njengoba ethi uTina umsola ngokuthi yizintombi zakhe ezifuna ukumbulala, nokuyinto engekho, esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...