Ngiphumule ngokufa kwendodana yami - Umama

2012-11-19 12:04

Cape Town - Umama womfana obulawe kabuhlungu ngokushaywa ngumphakathi waze wamokhela ngomlilo ephila uthe "ukhululekile" ngokushona kwendodana yakhe, kubika iDaily Voice.

UVuyelwa Dlakehla, 40, uveze lokhu ngemuva kwamahora nje ezwile ukuthi indodana yakhe, 18, ibulewe ngumphakathi ngokugaxwa ithayi eKapa.

Lesi yisigameko sesi-14 sabantu ababulawa ngalolu hlobo kulesi sifundazwe kusukela kuqale unyaka.

Isidumbu sikaSakhumzi Dlakehla sitholakale esigangeni emijondolo yaseSiqalo ngaseSamora Machel ngeSonto.

"Ngiyazi ukuthi umphakathi ubungeke umbulalele ubala, ubanjwe nezinto ezebiwe. Ubese evele engihluphile ngokweba mina bese kumele ngihlale ngithetha amacala engingawazi."

“Ubenokufika ezintatha athi angimenzele into azoyidla, asuse umsindo ngokuthi ngipheka kabi. Kwesinye isikhathi ubethatha ukudla kwasendlini ayokudayisa ukuze ezothenga isidakamizwa i-tik," kuqhuba uVuyelwa.

Owamaphoyisa uLieutenant Colonel Andrè Traut usiqinisekisile lesi sigameko wathi akukaboshwa muntu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...