Nginamahloni ngeNingizimu Afrika - UShansela

2013-01-21 10:03

Johannesburg -  UShansela e-University of the Free State uSolwazi uJonathan Jansen, usetshele abafundi bonyaka wokuqala ukuthi unamahloni ngeNingizimu Afrika, kusho umbiko ngoMsombuluko.

"Nginamahloni ngeNingizimu Afrika. Kuyihlazo ukuthi kuthiwe umuntu angaphumelela umatikulestheni ngo-30% nje kuphela. UMotshekga (uNgqongqoshe woMyango weMfundo eyisiSekelo) wenza iphutha elimbi kakhulu. Lokhu kuyihlazo elimbi," kusho uJansen, ngokombiko wephephandaba iBeeld.

UShansela ube esexwayisa abafundi ethi bangaceli kuye izeluleko ezintweni eziphathelene nezothando, ethi kuyizinto ezichitha isikhathi.

"Ngiyazipha isikhathi nabafundi, ngaphambi kokuthi bakuhlelele isikhathi sokuhlangana nami, umelekeleli wami ubheka indlela oqhuba ngayo ezifundweni zakho. Uma ufeyila angeke ngizixake ngawe, esho etshela abafundi abasha abangu-4 000."

UJansen uqhubeke wathi abafundi bakulo nyaka, bangabafundi abakhaliphe kakhulu inyuvesi ike yaba nabo eminyakeni engu-109 ikhona.

"Ningabantwana bami, umzali kumele ashaye imthetho kungabi kwampunzi edla emini. Uma uthatha amatshe ujikijela isikole ucekela phansi impahla, nakanjani ngizokuxosha. Uma uhlukumeza abanye abantwana, ngizokuxosha," esho exwayisa.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...