Ngimkhonzile uZuma - Shaik
2012-10-25 12:01
Johannesburg - Loyo owabe engumeluleki wezimali kaMengameli uJacob Zuma, uSchabir Shaik, utshele abezindaba ze-Eyewitness News wathi namanje usamuhlonipha kakhulu umengameli.
UShaik walahlwa ngamacala enkohlakalo ngonyaka ka-2005 wagwetshwa, wase ededelwa ejele ngonyaka ka-2009, ngemuva kokuthola ushwele wokugula.
INkantolo eNkulu eThekwini yathola ukuthi ubudlelwano bukaZuma noShaik, babe bunomkhuba phakathi.
"Ngicabanga ukuthi uZuma uyindoda ehloniphayo, ngimkhonzile ngempela," kusho uShaik.
UShaik utshele abezindaba wathi uchitha isikhathi sakhe ngokufunda nokusebenza engadini, uthi uyathemba ukuthi ngelinye ilanga uyovunyelwa ukuthi abuyele emabhizinisini.
Lona udonsa isigwebo sakhe seminyaka engu-15 ehleli ekhaya.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24