'Ngimatasa ukuthi ngingazixaka ngoMdluli'

2012-05-02 16:19

Johannesburg - UKhomishana wamaPhoyisa eGauteng uMzwandile Petros uthi umatasa kakhulu ukuthi angazixaka ngokuba yingxenye yetulo lokuzama ukuchitha inhloko yezobunhloli uRichard Mdluli, ezikhulumela ngoLwesithathu.

"Buningi ubugebengu obuqhubeka eGauteng. Uma uzozibandakanya netulo udinga isikhathi....ngimatasatasa kakhulu."

UPetros, utshele abezindaba wathi angeke aphawule lutho ngokubuyiselwa kukaMdluli esikhundleni.

"Uma ungumphathi emsebenzini wamaphoyisa kumele usebenze ngokuthi lithini iqiniso, ungalandeli amahemuhemu nemibono yakho, lokho ungakwenza mhlampe uma usukhumule isingubo zomsebenzi."

UPetros uthi amaphoyisa nawo ayafana nabanye abantu, uthi kumele abe msulwa kuze kuba atholakala ene cala.

Phambilini uMdluli wakhuluma wathi kukhona abafuna ukumkhipha esikhundleni ethi bamakhela uzungu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...