Ngicela ukusebenzisa umuthi ejele - Gcabashe

2012-10-17 12:02

Pietermaritzburg - Isigilamkhuba esinguSibusiso Gcabashe esasizenza umculi kaMaskandi uMgqumeni, sivelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eMgungundlovu mayelana namacala okudlwengula, ukukhwabanisa, ukuqamba amanga, ukweba kanye nokuzama ukweqa.

Ekuveleni kwake, utshele inkantolo ukuthi uhlaselwa yizithunzi ezimnyama, wathi ucela usizo lwenyanga, kubika iDaily Sun.

Ummeli wakhe uJohan Botha ucele inkantolo ihlehlise leli cala ethi kudingakala imiphumela yegazi engakabuyi, uGcabashe onezingane ezingu-13, ulindele ukuthi kuhlolwe igazi ezinganeni zakhe ezine.

IMantshi uRose Mogwela walile ukuhlehlisa icala, ummeli wase enquma ukuhoxa kulo.

UGcabashe uphenduke umtshingo ubethwa ngubani, watshela inkantolo ukuthi impilo yakhe isengcupheni ejele wathi ucela usizo.

Uthe uphenduka impumputhe futhi abantu ahlala nabo bathi ubuso bakhe buphenduka busabeke.

Umshushisi u-Irene Neyt ucele inkantolo ukuthi ikushaye indiva okushiwo nguGcabashe, wathi lona uphile saka ekhanda, imantshi yona ithe angeke ikwazi ukusiza uGcabashe ngokumtholela inyanga njengoba umuthi ungavumelekile ejele.

Icala lihlehlisiwe.

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...