Ngicela ningangibophi - Owadayisa umhlaba eLenasia

2013-02-25 16:50

Johannesburg - UMandla Dlamini olahlwe yicala lokudayisa umhlaba waseLenasia ngokungekho emthethweni, uncenge iNkantolo yeMantshi yaseGoli, ethi ucela ukungayiswa ejele.

"Ngingenza noma yini, ngikhokhele nabantu izimali zabo abathenga ngazo umhlaba. Ngicela ningangiyisi ejele," kuzikhalela uDlamini esitatimendeni esifundelwe inkantolo.

Lo makhi oneminyaka engu-75 ubudala, ubehleli ethule cwaka ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi enkantolo.

"Uyayihlonipha inkantolo nesinqumo esimthola enecala. Uyazisola ngalokhu akwenza," kusho isitaimende.

UMnyango wezeZindlu eGauteng uthole uDlamini enecala lokuthengisa umhlaba kubantu baseLenasia nase-Ennerdale.

Abamangali abachazwe kuphela kwathiwa nguSimelane noPhungwayo, bakhokha imali eyisibambiso.

UPhungwayo wakhokha isamba esingu-R12 000 kwathi uSimelane wakhipha u-R17 000.

USimelane utshele inkantolo ukuthi akakukhathalele ukuthi abuyiselwe imali wathi ufuna umuzi qha.

IMantshi u-Elen Engelbrecht uhlehlise icala wathi kuzokhishwa isigwebo mhlaka-5 Mashi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugqekezwe emzini kaKrejcir

2014-08-20 18:16
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-16°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 12-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-19°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 18-22°C Showers early. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...