Ngesowesifazane esatholakala efrijini

2012-10-12 12:03
Yabelani Shicilela

Cape Town - Amaphoyisa aseqinisekise ukuthi isidumbu esatholakala sifakwe efrijini eflethini iSenator Park, eKapa, kutholakale ukuthi ngesomuntu wesifazane.

Isidumbu satholakala ngasekuqaleni kwenyanga, kwelinye lamaflethi kule ndawo, ngokombiko weCape Argus.

“Umphumela wokuhlolwa kwesidumbu uthi lona wesifazane akaziwa ukuthi ungubani,” kusho uCaptain FC van Wyk.

UVan Wyk uthi amaphoyisa azoqhubeka nokuzama ukuthola ukuthi ungubani lona wesifazane, ukutholakala kwesidumbu kwakhexisa umnikazi weflethi, owathi lokhu kuyisikhumbuzo sokuthi le ndawo yaseSenator Park, yabe injani phambilini.

Indawo lena yake yaba yisizinda sezidakamizwa, ubugebengu kanjalo nokudayiswa komzimba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...