Ngenziswe ukuba nobuntu - Motsepe

2013-01-31 14:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UPatrice Motsepe ugqugquzelwe yisibonelo sabazali bakho kanye nabanye ozakwabo abafana noBill Gates ekutheni anikele cishe ngengxenye yomcebo wakhe kwabahlempu.

Le njinga engummeli ngokwemfundo, yangena embonini yezimayini eminyakeni engu-20 eyedlule, futhi engaqali ukunikela ngezigidi zemali, imemezele lokho ngoLwesithathu eGoli.

“UPrecious (okungunkosikazi wakhe) kanye nami sizofaka cishe ingxenye yemali yomndeni wethu ukuba isetshenziswe sisaphila nalapho sesingasekho ngenhloso yokusiza impilo yabantu abahlwempu, abakhubazekile abangasebenzi, abesifazane, yintsha abantu base-Afrika kanye nabanye abasemazweni omhlaba,” kuthembisa uMotsepe.

UMotsepe uthe uzohlalisa izingane zakhe phansi azibonise ukuze nazo zithembise ukuthi zizoqhubeka nalokhu asekuqalile,  babelane nabampofu lokhu okuyinzuzo abakwenzile njengomndeni.

Uthe lokhu ngeke kudale monakalo ezinganeni zakhe, “zisazoqhubeka ziphile kahle.”

UMotsepe uthe labo abengamele isikhwama somndeni wakhe basazoqhubeka nalo msebenzi ngisho yena kanye nomkakhe bengasekho emhlabeni.

NgokukaMotsepe, ongumnikazi we-African Rainbow Minerals (ARM), lokhu kungukwenza ubuntu nje ngaphezulu kwakho konke.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...