Ngeke siyivotele i-ANC - Abavukuzi
2012-12-07 08:31
Johannesburg - Abavukuzi ngeke bayivotele i-African National Congress okhethweni oluzolandela, kusho umsebenzi wasemayini iLonmin, eMarikana, eGoli.
“Kungenzeka ukuthi asifundile, kepha siyayiqonda ipolitiki...kanti epolitikini abantu abafi njengoba kwenzeka eMarikana. Asithi abantu mabangavoti, abavote, kodwa bangayilokothi i-ANC," kusho uTholakele Dlunga e-University of Johannesburg.
Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa incwadi elandisa ngokwenzeka eMarikana.
UDlunga usole uhulumeni ngokubulala abavukuzi abangu-34 ngesikhathi kunesiteleka esasiphelezelwa wudlame ngo-Agasti 16.
Le ncwadi esihloko sithi Marikana: A View from the Mountain
and a Case to Answer ibhalwe yilowo oyinhloko yeSociology kule nyuvesi uSolwazi Peter Alexander nabanye abane.
UDlunga uthe uyayiqalekisa inkomfa ye-ANC ezobanjelwa eMangaung.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA