Ngeke sikwazi ukubaholela u-150 - Umlimi

2012-11-16 12:02

Cape Town - Umninipulazi uGerhard de Kock, waseDe Doorns, uthi ngeke asatshiswe abasebenzi basemapulazini abashise insimu yakhe yamagilebhisi ngesonto eledlule.

UDe Kock, 60, unguSihlalo weCape Orchard Company neGrape Alliance Group Companies, nenamapulazi angu-13.

Uthi wazalelwa eHex River Valley.

Uchazele iCape Argus ngokuthi yena lezi ziteleka esihlasele imboni yamapulazi usibona kanjani.

“Bafuna ukuletha uthuthuva nje kuphela, iningi labo baqhamuka emazweni angaphandle - abanandaba nalutho vele, nabasetshenziswa ngabathile kwezepolitiki ukwenza iWestern Cape ‘ingalawuleki’,” esho.

UDe Kock uthe bese bezothola isosombululo nabaholi bomphakathi.

"Kodwa konke kwashintsha ngesikhathi kufika izikhulu ze-ANC neCosatu eDe Doorns. Ngalolo suku batshela abasebenzi ukuthi kumele bafune u-R150 bangajiki kulokho. Ngeke thina sikwazi ukubaholela leyo mali," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umndeni usaledengwane kuqhuma ipayipi

Emizuzwini eyi-59 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C a few showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...