Ngeke ngithuliswe - Vavi

2012-12-17 12:15

Bloemfontein - Uma iCosatu ikhuluma ngezinkinga ezibhekene nezwe lokho akumele kuthathwe njengokuhlasela i-ANC, kusho uNobhala Jikelele walo mfelandawonye uZwelinzima Vavi.

"Ngikhuluma ngezinto ezivumelekile ukuba zaziwe ngumphakathi, angisoze ngadalula izinto zombimbi eziyimfihlo ngaphandle. Akukho muntu ozongithulisa, ngisho abakhulu bahluleka ngaphambilini."

Ubeziphendulela ngemibiko ethi iCongress of SA Trade Unions ihlasela i-ANC.

NgeSonto uNobhala Jikelele we-African National Congress uGwede Mantashe utshele izithunywa eMangaung ukuthi iCosatu ihlezi ingqofana nenhlangano ebusayo.

"Ukushuba kwesimo phakathi kweCosatu ne-ANC kuyanyuka ngenxa yale nyunyana nokukhuluma kwayo esidlangalaleni," kusho uMantashe.

NgoMsombuluko, uVavi ubhale kuTiwtter etshengisa ukuthi akamelene ne-ANC kepha uzama ukulungisa izinto ezingekho emgqeni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulimale 3 kubanjwa inkunzi eGoli

Emizuzwini eyi-32 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...