Ngeke ngishenxe - Blade Nzimande

2012-03-08 08:13

Johannesburg - UNobhala Jikelele weSouth African Communist Party uBlade Nzimande uthi ngeke agudluke esikhundleni sakhe sokuba nguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, kubika iSowetan.

Lokhu kulandela ingcindezi evela kwamanye amalungu eCosatu naweSACP, nafuna alaxaze isikhundla asibambile kuKhabhinethi ukuze ezokwazi ukunaka imisebenzi yakhe kuSACP.

Kodwa uNzimande ukubeke kwacaca bha ukuthi akayi ndawo.

"Indala indaba yokuqashwa kwamalungu eSACP eqashelwa ezikhundleni zikahulumeni, pho kungani mina kufanele ngishenxe?".

"Ngeke ngisule ngoba nakhu ngijabulisa abantu abathile abafuna ukugqama kwabezindaba ngokwenza izitatimende ezifuze lesi," esho.

Ilungu leSACP KwaZulu-Natal, nelicele ukungadalulwa igama, lithe alimangali ukuthi kukhona abantu abafuna uNzimande ashenxe ngoba vele lokhu kujwayelekile uma kuyiwa okhethweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...