Ngeke ngilunge ejele - Jub Jub

2012-12-05 12:03

Johannesburg - Imindeni yezingane zesikole ezashona nezalimala engozini ehlanganisa umculi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye ilindele ukuzwa isigwebo enkantolo ngoLwesithathu ekuseni.

Batheleka ngobuningi babo abantu eNkantolo yeMantshi eProtea eSoweto njengoba kulindeleke ukuba kugwetshwe uMaarohanye naloyo asolwa naye uThemba Tshabalala.

Amalungu omndeni abonakale egqoke izikibha ezimhlophe ezibhalwe amagama ezingane ezathinteka kule ngozi.

Ngo-Okthoba 16, inkantolo yathola uMaarohanye noTshabalala benamacala amane okubulala namabili okuzama ukubulala, elokusebenzisa izidakamizwa, elokubekelelana ngezimoto emgwaqeni womphakathi kanye nelokushayela bedle izidakamizwa.

Babebekelelana ngezimoto eProtea North ngoMashi 2010 ngesikhathi beshayisa izingane zesikole.

UPrince Mohube, Mlungisi Cwayi, Andile Mthombeni, noPhomello Masemola, bashona.

Kwathi uFrank Mlambo noFumani Mushwana bona bathola ukukhubazeka ngokomqondo.

UMaarohanye noTshabalala banqatshelwa ibheyili ngemuva kwesinqumo secala.

UMaarohanye waludlulisela eNkantolo eNkulu eGoli  ngoNovemba 7 lolu daba lokwenqatshelwa ibheyili.

UJub Jub uthi ngeke alunge ejele kanti futhi akazimisele ngokuphindela khona.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...